40 Wayeseza kubafundi, wabafumana belele; wathi kuPetru: “Kanti beningelinde nami ihora libe linye na?
41 Lindani, nikhuleke ukuba ningangeni ekulingweni; umoya uyavuma, kepha inyama ibuthakathaka.”
42 Wabuye waya ngokwesibili, wakhuleka wathi: “Baba, uma lesi sitsha singedlule kimi ngingasiphuzanga, mayenziwe intando yakho.”
43 Esebuya futhi wabafumana belele, ngokuba amehlo abo ayenzima.
44 Wabuye wabashiya, waya wakhuleka ngokwesithathu esho futhi lona lelo zwi.
45 Khona wafika kubafundi, wathi kubo: “Nisalele namanje niphumula; bhekani, ihora selisondele, iNdodana yomuntu isiyakhashelwa ezandleni zezoni.
46 Sukumani sihambe; bhekani, ongikhaphelayo usesondele.”