42 Wabuye waya ngokwesibili, wakhuleka wathi: “Baba, uma lesi sitsha singedlule kimi ngingasiphuzanga, mayenziwe intando yakho.”
43 Esebuya futhi wabafumana belele, ngokuba amehlo abo ayenzima.
44 Wabuye wabashiya, waya wakhuleka ngokwesithathu esho futhi lona lelo zwi.
45 Khona wafika kubafundi, wathi kubo: “Nisalele namanje niphumula; bhekani, ihora selisondele, iNdodana yomuntu isiyakhashelwa ezandleni zezoni.
46 Sukumani sihambe; bhekani, ongikhaphelayo usesondele.”
47 Esakhuluma, bheka, kwafika uJuda, omunye wabayishumi nambili, enesixuku esikhulu sinezinkemba nezinduku, sivela kubapristi abakhulu namalunga esizwe.
48 Kepha omkhaphelayo wayebanike isiboniso sokuthi: “Lowo engiyakumanga nguye; mbambeni yena.”