44 Wabuye wabashiya, waya wakhuleka ngokwesithathu esho futhi lona lelo zwi.
45 Khona wafika kubafundi, wathi kubo: “Nisalele namanje niphumula; bhekani, ihora selisondele, iNdodana yomuntu isiyakhashelwa ezandleni zezoni.
46 Sukumani sihambe; bhekani, ongikhaphelayo usesondele.”
47 Esakhuluma, bheka, kwafika uJuda, omunye wabayishumi nambili, enesixuku esikhulu sinezinkemba nezinduku, sivela kubapristi abakhulu namalunga esizwe.
48 Kepha omkhaphelayo wayebanike isiboniso sokuthi: “Lowo engiyakumanga nguye; mbambeni yena.”
49 Wafika masinyane kuJesu, wathi: “E Rabi!” Wamanga.
50 UJesu wayesethi kuye: “Mngane, ubabeleni na?”Khona basondela, babeka izandla kuJesu, bambamba.