52 UJesu wayesethi kuye: “Buyisela inkemba yakho endaweni yayo, ngokuba bonke abaphatha inkemba bayakubhubha ngenkemba.
53 Ingabe uthi ngingecele kuBaba angithumele manje amalegiyona* ezingelosi adlula ishumi nambili na?
54 Pho-ke ingagcwaliseka kanjani imibhalo yokuthi kumelwe ukuba kube njalo na?”
55 Ngaleso sikhathi uJesu wathi ezixukwini: “Niphumile kungathi nize kumphangi, niphethe izinkemba nezinduku ukungibamba, na? Bengihlezi ethempelini imihla ngemihla ngifundisa, anangibamba.
56 Kepha konke lokho kwenzekile ukuba kugcwaliseke imibhalo yabaprofethi.” Khona bonke abafundi bamshiya, babaleka.
57 Ababembambile uJesu bamusa kuKayafase umpristi omkhulu, lapho kwakubuthene khona ababhali namalunga.
58 Kepha uPetru wamlandela ekude kwaze kwaba segcekeni lompristi omkhulu; wangena phakathi, wahlala phansi nezikhonzi ukuba abone isigcino.