56 Kepha konke lokho kwenzekile ukuba kugcwaliseke imibhalo yabaprofethi.” Khona bonke abafundi bamshiya, babaleka.
57 Ababembambile uJesu bamusa kuKayafase umpristi omkhulu, lapho kwakubuthene khona ababhali namalunga.
58 Kepha uPetru wamlandela ekude kwaze kwaba segcekeni lompristi omkhulu; wangena phakathi, wahlala phansi nezikhonzi ukuba abone isigcino.
59 Abapristi abakhulu nomphakathi wonke bafuna ubufakazi bamanga ngoJesu, ukuze bambulale;
60 kepha ababufumananga, nakuba kwafika ofakazi abaningi bamanga. Kodwa kamuva kwavela ababili,
61 bathi: “Lo wathi: ‘Nginamandla okudiliza ithempeli likaNkulunkulu, ngibuye ngilakhe ngezinsuku ezintathu.’ ”
62 Kwase kusukuma umpristi omkhulu, wathi kuye: “Awuphenduli lutho na? Kuyini abakufakaza ngawe laba na?”