1 Kwathi sekusile, bonke abapristi abakhulu namalunga esizwe benza icebo ngoJesu lokuba bambulale;
2 bambopha, bamuka naye, bamnikela kuPilatu umbusi.
3 Khona uJuda owamkhaphelayo, ebona ukuthi ulahliwe, wazisola, wabuyisela izinhlamvu zesiliva ezingamashumi amathathu kubapristi namalunga,
4 wathi: “Ngonile ukuba ngikhaphele igazi elingenacala.”Bona bathi: “Kuyini lokho kithi na? Zibonele wena.”
5 Wayesephonsa izinhlamvu zesiliva ethempelini, wamuka, waziphanyeka.
6 Kepha abapristi abakhulu bazithatha izinhlamvu zesiliva, bathi: “Akuvunyelwe ukuzifaka emnikelweni, ngokuba kuyimali yegazi.”