12 Kwathi lapho abapristi abakhulu namalunga bemthwesa icala, kaphendulanga lutho.
13 Khona uPilatu wathi kuye: “Awuzwa yini lokho okungaka abakufakaza ngawe na?”
14 Akaze amphendula nakwelilodwa izwi, umbusi waze wamangala kakhulu.
15 Kepha ngomkhosi umbusi wayejwayele ukukhululela isixuku isiboshwa sibe sinye esasisithanda.
16 Ngaleso sikhathi babe nesiboshwa esidumileyo esithiwa uBaraba.
17 Ngakho sebebuthene, uPilatu wathi kubo: “Nithanda ukuba nginikhululele bani, uBaraba nokuba uJesu othiwa uKristu, na?”
18 Ngokuba wayekwazi ukuthi bamnikele ngomhawu.