48 Masinyane omunye kubo wagijima, wathatha ilula, waligcwalisa ngoviniga, walihloma emhlangeni, wamphusiza.
49 Kepha abanye bathi: “Yeka, sibone uma u-Eliya eza ukumsindisa.”
50 UJesu wabuye wamemeza ngezwi elikhulu, wafa.
51 Bheka-ke, isihenqo sethempeli sadabuka kabili, kusukela phezulu kuze kufike phansi; umhlaba wazamazama, amadwala aqhekezeka;
52 amathuna avuleka, imizimba eminingi yabangcwele ababelele yavuka;
53 baphuma emathuneni emva kokuvuka kwakhe, bangena emzini ongcwele, babonakala kwabaningi.
54 Kepha induna yekhulu nababe nayo belinda uJesu sebebona ukuzamazama nalokho okwenzekileyo besaba kakhulu, bathi: “Nempela lo ube yiNdodana kaNkulunkulu.”