11 Besahamba, bheka, abanye kubalindi bafika emzini, babikela abapristi abakhulu konke okwenzekileyo.
12 Sebebuthene namalunga benza icebo, banika amabutho imali eningi,
13 bathi: “Shonini ukuthi abafundi bakhe beza ebusuku, bameba silele.
14 Uma kuzwakala lokho kumbusi, siyakuncengana naye thina, nina ningakhathazeki.”
15 Ayeseyithatha imali, enza njengokufundiswa kwawo. Leli zwi landa phakathi kwabaJuda kuze kube namuhla.
16 Kepha abafundi abayishumi nanye baya eGalile kuleyo ntaba uJesu ayebayalele yona;
17 sebembona bakhuleka kuye, kepha abanye bangabaza.