13 bathi: “Shonini ukuthi abafundi bakhe beza ebusuku, bameba silele.
14 Uma kuzwakala lokho kumbusi, siyakuncengana naye thina, nina ningakhathazeki.”
15 Ayeseyithatha imali, enza njengokufundiswa kwawo. Leli zwi landa phakathi kwabaJuda kuze kube namuhla.
16 Kepha abafundi abayishumi nanye baya eGalile kuleyo ntaba uJesu ayebayalele yona;
17 sebembona bakhuleka kuye, kepha abanye bangabaza.
18 UJesu wasondela, wakhuluma kubo, wathi: “Ngiphiwe amandla onke ezulwini nasemhlabeni;
19 ngalokho hambani nenze izizwe zonke abafundi, nibabhapathize egameni likaYise neleNdodana nelikaMoya oNgcwele,