11 USathane wayesemshiya; bheka, kwafika izingelosi, zamkhonza.
12 Kuthe esezwile ukuthi uJohane uboshiwe, wamuka waya eGalile.
13 Wasuka eNazaretha, weza wahlala eKapernawume elingaselwandle emikhawulweni yakwaZabuloni neyakwaNafetali
14 ukuba kugcwaliseke okwakhulunywa ngo-Isaya umprofethi ukuthi:
15 “Izwe lakwaZabuloni nezwe lakwaNafetalingaselwandle ngaphesheya kweJordani,iGalile labezizwe,
16 isizwe esasihlezi ebumnyamenisibonile ukukhanya okukhulu,nababehlezi ezweni nasethunzini lokufakuphumele kubo ukukhanya.”
17 Kusukela kuleso sikhathi uJesu waqala ukushumayela nokusho ukuthi: “Phendukani, ngokuba umbuso wezulu ususondele.”