8 USathane wabuye wamyisa entabeni ende kakhulu, wamkhombisa imibuso yonke yezwe nenkazimulo yayo;
9 wathi kuye: “Konke lokhu ngizakukunika khona, uma uziwisa phansi, ukhuleke kimi.”
10 Khona uJesu wathi kuye: “Suka, Sathane, ngokuba kulotshiwe ukuthi: ‘Wokhuleka eNkosini uNkulunkulu wakho, umkhonze yena yedwa.’ ”
11 USathane wayesemshiya; bheka, kwafika izingelosi, zamkhonza.
12 Kuthe esezwile ukuthi uJohane uboshiwe, wamuka waya eGalile.
13 Wasuka eNazaretha, weza wahlala eKapernawume elingaselwandle emikhawulweni yakwaZabuloni neyakwaNafetali
14 ukuba kugcwaliseke okwakhulunywa ngo-Isaya umprofethi ukuthi: