3 “Babusisiwe abampofu emoyeni,ngokuba umbuso wezulu ungowabo.
4 Babusisiwe abakhalayo,ngokuba bayakududuzwa.
5 Babusisiwe abamnene,ngokuba bayakudla ifa lomhlaba.
6 Babusisiwe abalambele,bomele ukulunga,ngokuba bayakusuthiswa.
7 Babusisiwe abanesihawu,ngokuba bayakuhawukelwa.
8 Babusisiwe abanenhliziyo ehlanzekileyo,ngokuba bayakubona uNkulunkulu.
9 Babusisiwe abalamulayo,ngokuba bayakuthiwa abantwana bakaNkulunkulu.