35 noma umhlaba, ngokuba uyisenabelo sezinyawo zakhe, noma iJerusalema, ngokuba lingumuzi weNkosi enkulu.
36 Ungafungi nekhanda lakho, ngokuba awunakuphendula nalunye unwele lube mhlophe nokuba lube mnyama.
37 Kepha izwi lenu malibe ngokuthi: Yebo, yebo; qhabo, qhabo. Okudlula lokhu kuvela kokubi.
38 “Nizwile kwathiwa: ‘Iso ngeso, izinyo ngezinyo.’
39 Kepha mina ngithi kini: Ningamelani nokubi, kodwa uma umuntu ekumukula esihlathini sokunene, mphendulele nesinye.
40 Nofuna ukukumangalela, akwamuke ingubo, mnike nejazi.
41 Nosuka ekucindezela ukuba uhambe imayela* libe linye, hamba naye abe mabili.