37 Kepha izwi lenu malibe ngokuthi: Yebo, yebo; qhabo, qhabo. Okudlula lokhu kuvela kokubi.
38 “Nizwile kwathiwa: ‘Iso ngeso, izinyo ngezinyo.’
39 Kepha mina ngithi kini: Ningamelani nokubi, kodwa uma umuntu ekumukula esihlathini sokunene, mphendulele nesinye.
40 Nofuna ukukumangalela, akwamuke ingubo, mnike nejazi.
41 Nosuka ekucindezela ukuba uhambe imayela* libe linye, hamba naye abe mabili.
42 Muphe ocela kuwe, ungamfulatheli ofuna ukutsheleka kuwe.
43 “Nizwile kwathiwa: ‘Wothanda umakhelwane wakho, uzonde isitha sakho.’