39 Kepha mina ngithi kini: Ningamelani nokubi, kodwa uma umuntu ekumukula esihlathini sokunene, mphendulele nesinye.
40 Nofuna ukukumangalela, akwamuke ingubo, mnike nejazi.
41 Nosuka ekucindezela ukuba uhambe imayela* libe linye, hamba naye abe mabili.
42 Muphe ocela kuwe, ungamfulatheli ofuna ukutsheleka kuwe.
43 “Nizwile kwathiwa: ‘Wothanda umakhelwane wakho, uzonde isitha sakho.’
44 Kepha mina ngithi kini: Thandani izitha zenu, nibabusise abaniqalekisayo, nibaphathe kahle abanizondayo, nibakhulekele abanizingelayo
45 ukuba nibe ngabantwana bakaYihlo osezulwini; ngokuba yena uphumisa ilanga lakhe phezu kwababi nabahle, anise imvula phezu kwabalungileyo nabangalungile.