40 Nofuna ukukumangalela, akwamuke ingubo, mnike nejazi.
41 Nosuka ekucindezela ukuba uhambe imayela* libe linye, hamba naye abe mabili.
42 Muphe ocela kuwe, ungamfulatheli ofuna ukutsheleka kuwe.
43 “Nizwile kwathiwa: ‘Wothanda umakhelwane wakho, uzonde isitha sakho.’
44 Kepha mina ngithi kini: Thandani izitha zenu, nibabusise abaniqalekisayo, nibaphathe kahle abanizondayo, nibakhulekele abanizingelayo
45 ukuba nibe ngabantwana bakaYihlo osezulwini; ngokuba yena uphumisa ilanga lakhe phezu kwababi nabahle, anise imvula phezu kwabalungileyo nabangalungile.
46 Ngokuba uma nithanda abanithandayo, ninamvuzo muni na? Abenzi njalo nabathelisi na?