45 ukuba nibe ngabantwana bakaYihlo osezulwini; ngokuba yena uphumisa ilanga lakhe phezu kwababi nabahle, anise imvula phezu kwabalungileyo nabangalungile.
46 Ngokuba uma nithanda abanithandayo, ninamvuzo muni na? Abenzi njalo nabathelisi na?
47 Futhi uma nibingelela abafowenu bodwa, nenza lukhulu luni na? Abenzi njalo nabezizwe na?
48 Ngakho-ke manibe ngabapheleleyo, njengokuba uYihlo wasezulwini ephelele.