7 Babusisiwe abanesihawu,ngokuba bayakuhawukelwa.
8 Babusisiwe abanenhliziyo ehlanzekileyo,ngokuba bayakubona uNkulunkulu.
9 Babusisiwe abalamulayo,ngokuba bayakuthiwa abantwana bakaNkulunkulu.
10 Babusisiwe abazingelwa ngenxa yokulunga,ngokuba umbuso wezulu ungowabo.
11 “Nibusisiwe, nxa benithuka, benizingela, bekhuluma konke okubi ngani, beqamba amanga ngenxa yami.
12 Jabulani, nithokoze, ngokuba umvuzo wenu mkhulu ezulwini; ngokuba kanjalo babazingela abaprofethi abananduleleyo.
13 “Nina ningusawoti womhlaba, kepha uma usawoti edumele, ubusawoti bovuswa ngani na? Akasasizi lutho, kuphela ukulahlwa ngaphandle, anyathelwe ngabantu.