22 “Isibani somzimba yiso. Ngakho uma iso lakho lilihle, uzakukhanya umzimba wakho wonke.
23 Kepha uma iso lakho lilibi, uzakuba mnyama umzimba wakho wonke. Ngakho uma ukukhanya okukuwe kungubumnyama, ubumnyama bukhulu kangakanani!
24 “Akakho ongakhonza amakhosi amabili. Ngokuba uyakuzonda enye, athande enye, noma abambelele kwenye, adelele enye. Ningekhonze uNkulunkulu noMamona.*
25 “Ngalokho-ke ngithi kini: Ningakhathazeki ngokuphila kwenu ukuthi niyakudlani noma niyakuphuzani, nangomzimba wenu ukuthi niyakwembathani. Ukuphila akukukhulu kunokudla nomzimba kunesambatho na?
26 Bukani izinyoni zezulu ukuthi azihlwanyeli, azivuni, azibekeleli ezinqolobaneni; nokho uYihlo wasezulwini uyazondla. Nina kanizidluli kakhulu na?
27 Ngumuphi kini ongelekela ebudeni bakhe ingalo ibe nye ngokukhathazeka na?
28 “Nikhathazekelani ngesambatho na? Qaphelani iminduze yasendle ukuthi imila kanjani; kayikhandleki, kayiphothi;