19 Yilowo nalowo muthi ongatheli izithelo ezinhle uyanqunywa, uphonswe emlilweni.
20 Njalo-ke niyakubazi ngezithelo zabo.
21 “Asibo bonke abashoyo kimi ukuthi: ‘Nkosi, Nkosi,’ abayakungena embusweni wezulu, kuphela owenza intando kaBaba osezulwini.
22 Abaningi bayakuthi kimi ngalolo suku: ‘Nkosi, Nkosi, asiprofethanga yini ngegama lakho, sakhipha amademoni ngegama lakho, senza imisebenzi eminingi yamandla ngegama lakho, na?’
23 Khona ngiyakufakaza kubo ukuthi: ‘Angizange nginazi; sukani kimi nina benzi bokubi.’
24 “Ngalokho yilowo nalowo owezwa lawa mazwi ami, awenze, uyakufaniswa nendoda ehlakaniphileyo eyakha indlu yayo phezu kwedwala.
25 Layithela imvula, kwafika izikhukhula, kwavunguza imimoya, yayishaya leyo ndlu; kepha kayiwanga, ngokuba yayisekelwe yidwala.