16 Akakho obekela isiziba sendwangu engakashukeki engutsheni endala, ngokuba lokhu okubekelwa kuyo kuyaklebhula engutsheni, kwande ukuklebhuka.
17 Akuthelwa futhi iwayini elisha ezimvabeni ezindala, funa izimvaba ziqhume, newayini lichitheke, nezimvaba zonakale. Kodwa iwayini elisha balithela ezimvabeni ezintsha, kulondeke kokubili.”
18 Esakhuluma lokhu kubo, bheka, kwafika umphathi othile, wakhuleka kuye, wathi: “Indodakazi yami ifa khona manje; kepha woza, ubeke isandla sakho phezu kwayo, izakuphila.”
19 Wasuka-ke uJesu, wamlandela kanye nabafundi bakhe.
20 Bheka, owesifazane owayenomopho iminyaka eyishumi nambili weza emva kwakhe, wathinta umphetho wengubo yakhe.
21 Ngokuba wayethi phakathi kwakhe: “Uma ngingathinta nje ingubo yakhe, ngizakusindiswa.”
22 UJesu ephenduka wambona, wathi: “Yima isibindi, ndodakazi; ukukholwa kwakho kukusindisile.” Wasinda owesifazane, kusukela kuleso sikhathi.