25 Abafowabo: ku-Eliyezeri: nguRehabiya indodana yakhe, noJeshaya indodana yakhe, noJoramu indodana yakhe, noZikiri indodana yakhe, noShelomoti indodana yakhe.
26 Yena uShelomoti nabafowabo babephethe yonke ingcebo yezinto ezingcwele ezangcweliswa nguDavide inkosi, nezinhloko zawoyise, nezinduna zezinkulungwane nezamakhulu, nezinduna zempi.
27 Empini nasempangweni bakungcwelisela ukulungisa indlu kaJehova,
28 kanye nakho konke uSamuweli umboni, noSawule indodana kaKishi, no-Abineri indodana kaNeri, noJowabe indodana kaSeruya ababekungcwelisile; yilowo nalowo owayengcwelisile okuthile, kwaba phansi kwesandla sikaShelomoti nabafowabo.
29 KumaJisihari uKhenaniya namadodana akhe babephethe umsebenzi ongaphandle kwa-Israyeli, beyizinduna nabahluleli.
30 KumaHebroni uHashabiya nabafowabo, amaqhawe anamandla, beyinkulungwane namakhulu ayisikhombisa, babe ngababonisi kwa-Israyeli phesheya kweJordani ngasentshonalanga emsebenzini wonke kaJehova nasenkonzweni yenkosi.
31 KumaHebroni uJeriya wayeyinhloko, kumaHebroni njengezizukulwane zawo ngezindlu zawoyise. Ngomnyaka wamashumi amane wokubusa kukaDavide kwafunwa, kwafunyanwa phakathi kwawo amaqhawe anamandla eJazeri kwaGileyadi.