1 Kwaba khona indlala ezinsukwini zikaDavide iminyaka emithathu ngokulandelana; uDavide wafuna ubuso bukaJehova. UJehova wathi: “Kungenxa kaSawule nangenxa yendlu yakhe yegazi, ngokuba wabulala abaseGibeyoni.”
2 Inkosi yayisibiza abaseGibeyoni, yakhuluma kubo, abaseGibeyoni babengesibo abantwana bakwa-Israyeli, beyinsali yama-Amori; abantwana bakwa-Israyeli babefungile kubo; uSawule wafuna ukubabulala ngokushisekela kwakhe abantwana bakwa-Israyeli nabakwaJuda;
3 wathi-ke uDavide kwabaseGibeyoni: “Nginenzele ntoni na? Ngingenza ukubuyisana ngantoni ukuba nibusise ifa likaJehova na?”
4 AbaseGibeyoni bathi kuye: “Akundaba yesiliva negolide noSawule nendlu yakhe, futhi akundaba yokubulala umuntu kwa-Israyeli.”Wathi: “Enikushoyo ngiyakunenzela khona.”
5 Bathi enkosini: “Umuntu owasibulalayo waceba ngathi ukuba sichithwe singasali phakathi kwemikhawulo yakwa-Israyeli,