11 Kwabikelwa uDavide ukuthi uRispa indodakazi ka-Aya, isancinza sikaSawule, wenzeni.
12 UDavide waya wathatha amathambo kaSawule namathambo kaJonathani indodana yakhe kubantu baseJabeshi Gileyadi ababewebile esigcawini saseBeti Shani, lapho, amaFilisti ayebaphanyeke khona, mhla amaFilisti embulala uSawule eGilibowa.
13 Wenyusa lapho amathambo kaSawule namathambo kaJonathani indodana yakhe; baqoqa amathambo ababephanyekiwe.
14 Bawembela amathambo kaSawule noJonathani indodana yakhe ezweni lakwaBenjamini eSela ethuneni likaKishi uyise; benza konke okuyalezwe yinkosi. Ngasemuva uNkulunkulu wancengwa ngenxa yezwe.
15 AmaFilisti abuye aphaka impi no-Israyeli; uDavide wehla, izinceku zakhe zinaye, balwa namaFilisti; uDavide waphela amandla.
16 U-Ishibi Benobi wabantwana bamaRefa osisindo somkhonto wakhe sasingamashekeli* angamakhulu amathathu ethusi, ebhince inkemba entsha, wathi uyakumbulala uDavide.
17 Kepha u-Abishayi indodana kaSeruya wamsiza, wamshaya umFilisti wambulala. Base befunga kuye abantu bakaDavide, bathi: “Awusayikuphuma impi nathi, funa ucime isibani sakwa-Israyeli.”