5 Amadodana kaRimoni waseBeyeroti oRekabi noBahana ahamba, afika selishisa ilanga endlini ka-Ishi Bosheti ephumula embhedeni emini.
6 Bangena khona phakathi kwendlu kungathi bayakulanda ukolweni; bamgwaza esiswini; oRekabi noBahana umfowabo babaleka.
7 Babengenile-ke endlini esalele embhedeni ekamelweni lakhe, bamgwaza, bambulala, bamnquma ikhanda, bathatha ikhanda lakhe, bahamba ngendlela yase-Araba ubusuku bonke.
8 Baliyisa ikhanda lika-Ishi Boshethi kuDavide eHebroni, bathi enkosini: “Nanti ikhanda lika-Ishi Bosheti indodana kaSawule; isitha sakho ebesifuna ukuphila kwakho; uJehova uphindisele namuhla inkosi yami, inkosi, kuSawule nakuyo inzalo yakhe.”
9 UDavide waphendula oRekabi noBahana umfowabo amadodana kaRimoni waseBeyeroti, wathi kubo: “Kuphila kukaJehova ohlengile umphefumulo wami osizini lonke,
10 umuntu owangitshela ukuthi: ‘Bheka, uSawule ufile,’ ecabanga ukuthi ulethile izindaba ezinhle, ngambamba, ngambulala eSikilagi, ethi ngangiyakumnika umvuzo wezindaba zakhe;
11 kakhulu kangakanani, lapho abantu ababi bebulele umuntu olungileyo endlini yakhe embhedeni wakhe, angiyikubiza igazi lakhe esandleni senu, nginisuse emhlabeni, na?”