1 Yeka ukuhlala kodwa komuzi owawunabantu abaningi!Usungumfelokazi owawunezizwe eziningi.Owawuyinkosikazi phakathi kwezifunda usungobuswayo.
2 Uyakhala nokukhala ebusuku,izinyembezi zawo zisezihlathini zawo;kawunamduduzi phakathi kwazo zonke izithandwa zawo;bonke abangane bawo bawuphathe ngenkohliso,sebe yizitha zawo.
3 UJuda uthunjiwe ngenxayokuhlupheka nobugqila obuningi;uhlala phakathi kwabezizwe,katholi ukuphumula;bonke abamzingelayo bamfica ephakathi kobuhlungu.
4 Izindlela zaseSiyoni ziyalilangokuba kungeziwa emikhosini emisiweyo;onke amasango achithekile,abapristi balo bayabubula;izintombi zalo ziyahlupheka,nalo linomunyu.
5 Abamelene nalo sebe yinhloko,izitha zalo zinokuthula,ngokuba uJehova ulihluphilengenxa yobuningi beziphambeko zalo;izingane zalo ziye ekuthunjweni ebusweni bezitha.