Isililo 5 ZUL59

Umkhuleko wokuzwelwa

1 Khumbula, Jehova, esehlelwe yikho;bheka, ubone ihlazo lethu.

2 Ifa lethu seliphendulelwe abafokazi,nezindlu zethu kwabezizwe.

3 Siyizintandane, asinababa;omame banjengabafelokazi.

4 Amanzi ethu siyawaphuza ngemali,izinkuni zethu ziza ngentengo.

5 Abasixoshayo basezintayeni zethu;sikhathele, asinakuphumula.

6 Sinike isandla sethu kulo iGibithenakulo i-Asiriya ukuba sisuthe isinkwa.

7 Obaba bona abasekho;thina sithwala ububi babo.

8 Izigqila ziyasibusa;akakho osikhulula esandleni sabo.

9 Sithola ukudla kwethu ngokuzidela amathambongenxa yenkemba yasehlane.

10 Isikhumba sethu siyasha njengezikongokushisa kwendlala.

11 Balala nabesifazane eSiyoni,izintombi zasemizini yakwaJuda.

12 Izikhulu zaphanyekwa ngezandla zabo;ubuso babadala ababuhloniphanga.

13 Izinsizwa zathwala amatshe okugaya,abantwana bakhubeka phansi kwezinkuni.

14 Abadala baphelile esangweni,nezinsizwa ekuhlabeleleni kwazo.

15 Intokozo yenhliziyo yethu iphelile;ukusina kwethu kuphenduke ukulila.

16 Umqhele uwile ekhanda lethu.Maye kithina, ngokuba sonile!

17 Ngalokho inhliziyo yethu idangele;ngalezi zinto amehlo ethu afiphele,

18 ngenxa yentaba yaseSiyoni echithekile,zize zihambe kuyo izimpungushe.

19 Wena Jehova umi phakade;isihlalo sakho sobukhosisikhona ezizukulwaneni ngezizukulwane.

20 Usikhohlelwani kuze kube phakade,usishiye izinsuku eziningi, na?

21 Sibuyisele kuwe Jehova, siyakubuya;yenza izinsuku zethu zibe zintsha njengasendulo,

22 ngokuba usilahlile nokusilahla,wasithukuthelela kakhulu.

Izahluko

1 2 3 4 5