Isililo 4 ZUL59

Intukuthelo kaJehova ngeJerusalema

1 Yeka ukufiphala kwegolidenokuguquka kwegolide elihle!Amatshe endlu engcwele ahlakazekileezingosini zazo zonke izitaladi.

2 Amadodana anqabileyo aseSiyoni,elingene negolide elihle,yeka ukuthiwa kwawo ayizitsha zebumba,imisebenzi yezandla zombumbi!

3 Namakhanka ehlisa,ancelise amazinyane awo.Indodakazi yabantu bami isinonya, njengezintshe zasehlane.

4 Ulimi loncelayo lunamathelaolwangeni lwakhe ngokoma.Izingane zicela isinkwa,kepha akakho ozihlephulelayo.

5 Abakade bedla okumnandisebechithakele ezitaladini.Ababekhuliswa ngokububende sebesingatha izala.

6 Ukona kwendodakazi yabantu bamikukhulu kunesono saseSodomaelachithwa ngokuphazima kweso,kungasondelanga zandla kulo.

7 Abakhulu balo babehlambulukile kunongqoqwane,babe mhlophe kunobisi;imizimba yabo yayibomvana kunekorali,*isimo sabo sasinjengesafire.*

8 Ubuso babo sebumnyama kunelahle,abaziwa ezitaladini.Isikhumba sabo sinamathela emathanjeni abo,sishwabene, saba njengomuthi.

9 Babe ngcono ababebulawangenkemba kunababebulawa ngendlala,ababuna behlatshiwe ngokuswela ukudla kwensimu.

10 Izandla zabesifazane abahawukelayozapheka izingane zabo;zazingukudla kwabo ngokuchithwa kwendodakazi yabantu bami.

11 UJehova ufezile ukufutheka kwakhe,uthululile ukufutheka kwentukuthelo yakhe;uphembile umlilo eSiyoni oqedile izisekelo zalo.

12 Amakhosi omhlabaayengakholwa kanye nabo bonke abakhileyo ezweniukuthi abamelene nabo nezitha zabobabeyakungena emasangweni aseJerusalema.

13 Kungenxa yezono zabaprofethi balo nobubi babapristi baloababechitha igazi labalungileyo phakathi kwalo.

14 Bazulazula njengezimpumputhe ezitaladini,bengcolile ngegazingangokuba zazingenakuthintwa izingubo zabo.

15 “Chezukani, ningcolile!”bamemeza kubo:“Chezukani, chezukani, ningathinti!”Lapho bebaleka bezulazula,bathi phakathi kwabezizwe:“Abasayikugogobala lapha.”

16 Ubuso bukaJehova buyabahlakaza,akasayikubanakekela.Abahloniphi ubuso babapristi,kababanga namusa kumalunga.

17 Amehlo ethu ayaphela ukubheka usizo lwethu oluyize;ekulindeni kwethu silindela isizwe esingenakusindisa.

18 Bazingela izinyathelo zethuukuba singahambi ezigcawini zethu.Ukugcina kwethu kuseduze,izinsuku zethu zigcwele,yebo, ukugcina kwethu kufikile.

19 Abasixoshayo babenejubane kunezinkozi zezulu;basizingela ezintabeni,basiqamekela ehlane.

20 Umoya wamakhala ethu,ogcotshiweyo kaJehova,wabanjwa emigodini yabo,esathi ngaye:“Phansi kwethunzi lakhesiyakuphila phakathi kwezizwe.”

21 Jabula, uthokoze,ndodakazi yakwa-Edomi,ohlala ezweni lase-Uzi.Indebe iyakudlulela nakuwena;uyakudakwa, uzenze nqunu.

22 Ububi bakho sebuphelile,ndodakazi yaseSiyoni,kasayikukuthumba.Ububi bakho,ndodakazi yakwa-Edomi,uyakubuhambela,azambule izono zakho.

Izahluko

1 2 3 4 5