Isililo 3 ZUL59

Ukuhlupheka nosizi

1 Ngingumuntu obone ukuhluphekangentonga yentukuthelo yakhe.

2 Ungiholile, wangihambisa ebumnyameni,kungesikho ekukhanyeni.

3 Impela uyangiphendulela isandla sakheephinda njalo zonke izinsuku.

4 Ugugisile inyama yami nesikhumba sami,waphula amathambo ami.

5 Ungakhele, wangihaqangenyongo nangokushikashikeka.

6 Ungihlalisile ebumnyameninjengabakade bafa.

7 Ungibiyele ukuze ngingaphumi,wenza amaketanga ami ukuba asinde.

8 Nalapho ngikhala ngicela ukusindiswa,uyavalela umkhuleko wami.

9 Ubiyele izindlela zami ngamatshe abaziweyo,wagwegwisa imikhondo yami.

10 Ukimi njengebhere* eliqamekelayonengonyama ezindaweni ezisithekileyo.

11 Wachezukisa izindlela zami, wangidwengula,wangenza incithakalo.

12 Wansala umnsalo wakhe,wangimisa ngibe yisigcibisholo somcibisholo.

13 Wahlaba izinso zamingemicibisholo yesambo sakhe.

14 Sengingohlekwayo kubantu bonke,ngihaywa usuku lonke.

15 Wangisuthisa ngokubabayo,wangigcwalisa ngomhlonyane.

16 Waphula amazinyo ami ngohlalwane,wangembesa umlotha.

17 Walahla kude nokuthula umphefumulo wami,ngakhohlwa inhlanhla.

18 Ngathi:“Amandla ami nethemba lami kuJehova kuphelile.”

19 Khumbula ukuhlupheka kwami nosizi lwami,umhlonyane nenyongo.

20 Umphefumulo wami uyakukhumbula nokukukhumbula,uthobile phakathi kwami.

21 Kepha yilokhu engiyakukubuyisela enhliziyweni yami,ngalokho nginethemba:

22 ngumusa kaJehova ukuthi asiqediwe,ngokuba ububele bakhe abupheli.

23 Busha ekuseni njalo;ukuthembeka kwakho kukhulu.

24 UJehova uyisabelo sami,usho umphefumulo wami;ngakho ngiyakwethemba kuye.

25 UJehova muhle kwabamethembayo,kumphefumulo omfunayo.

26 Kuhle ukumethemba nokulindela ngokuthulaukusindisa kukaJehova.

27 Kuhle kumuntu ukuba athwale ijokaebusheni bakhe.

28 Makahlale yedwa, athule,lapho emthwesa lona.

29 Makabeke umlomo wakhe othulini;mhlawumbe kungaba khona ithemba.

30 Makanike isihlathi sakhe komshayayo,asuthe ngenhlamba.

31 Ngokuba uJehova akayikulahlakuze kube phakade.

32 Ngokuba noma edabukisile,uyakuhawukela nokho ngokobukhulu bomusa wakhe.

33 Ngokuba akahluphi,angadabukisi abantwana babantu ngenxa yokuba ekuthanda.

34 Ukuphahlaza phansi kwezinyawozonke iziboshwa zasemhlabeni,

35 nokuchezukisa imfanelo yomuntuphambi kobuso boPhezukonke,

36 nokona umuntu ecaleni lakhe,iNkosi ayikuboni lokhu na?

37 Kwasho ubani, kwenzakala,iNkosi ingakuyalelanga, na?

38 Akuphumi okuhle nokubiemlonyeni woPhezukonke na?

39 Ukhononelani umuntu ophilayo,umuntu ojeziswa ngezono zakhe, na?

40 Masiphenye, sicinge izindlela zethu,sibuyele kuJehova.

41 Masiphakamise izinhliziyo zethu kanye nezandla zethukuNkulunkulu ezulwini.

42 Siphambukile, sahlubuka;wena awukuyekelanga.

43 Wazembesa ulaka, wasixosha,wabulala, ungahawukelanga.

44 Wazembesa ifu,ukuze imikhuleko yethu ingafinyeleli.

45 Usenze umphucuzo nemfucumfucuphakathi kwabantu.

46 Zonke izitha zethuzisikhamisele imilomo yazo.

47 Uvalo nomgodi kusehlele,ukubhujiswa nokuchithwa.

48 Iso lami liyamululeka imifula yamanzingenxa yokuchithwa kwendodakazi yabantu bami.

49 Iso lami liyamululeka, alinqamuki;akukho ukukhawuka,

50 aze abheke uJehova,abone esezulwini.

51 Iso lami lenza umphefumulo wami ube buhlungungenxa yawo onke amadodakazi omuzi wakithi.

52 Abayizitha zami ngezebangizingele nokungizingela njengenyoni.

53 Banqume ukuphila kwami emgodini,bangiphonsa ngetshe.

54 Amanzi aminzisa ikhanda lami.Ngathi: “Nginqunyiwe.”

55 Ngalibiza igama lakho, Jehova,ngisemgodini phansi.

56 Wezwa izwi lami;ungasithezi indlebe yakholapho ngikhalela ukusizwa.

57 Wasondela ngosukulokubiza kwami, wathi: “Ungesabi.”

58 Nkosi, umela indaba yomphefumulo wami,uyahlenga ukuphila kwami.

59 Jehova, uyabona ukoniwa kwami;thetha indaba yami.

60 Uyabona konke ukuphindisa kwabonawo onke amacebo abo ngami.

61 Uyezwa inhlamba yabo, Jehova,nawo onke amacebo abo ngami,

62 izindebe zabangivukeleyonemicabango yabo ngami izinsuku zonke.

63 Bheka ukuhlala kwabo nokuvuka kwabo;ngihaywa yibo.

64 Uyakubaphindisela, Jehova,ngokwemisebenzi yezandla zabo.

65 Uyakubanika isimbozo senhliziyo,isiqalekiso sakho sibe phezu kwabo.

66 Uyakubaxosha ngentukuthelo,ubabhubhise,bangabe besaba khona phansi kwezulu likaJehova.

Izahluko

1 2 3 4 5