19 “Ngazibiza izithandwa zami, zangikhohlisa.Abapristi bami namalunga ami bafela emzini,besafuna ukudla ukuba babuyise umphefumulo wabo.
20 “Bheka, Jehova, ngokuba nginosizi;izibilini zami ziyaxhaphazela.Inhliziyo yami iphendukile phakathi kwami,ngokuba ngihlubukile nokuhlubuka.Endle yinkemba eyaphucayo,ekhaya ngukufa.
21 “Bezwile ukuthi ngiyabubula,kepha anginamduduzi.Zonke izitha zami zizwile ukuhlupheka kwami;ziyathokoza ukuthi nguwe okwenzileyo.Ululethile usuku olumemezileyo,kepha ziyakuba njengami.
22 “Mabufike bonke ububi bazo ebusweni bakho,wenze kuzo njengokwenza kwakho kimingenxa yazo zonke iziphambeko zami,ngokuba ukububula kwami kukhulu,nenhliziyo idangele.”