3 UJuda uthunjiwe ngenxayokuhlupheka nobugqila obuningi;uhlala phakathi kwabezizwe,katholi ukuphumula;bonke abamzingelayo bamfica ephakathi kobuhlungu.
4 Izindlela zaseSiyoni ziyalilangokuba kungeziwa emikhosini emisiweyo;onke amasango achithekile,abapristi balo bayabubula;izintombi zalo ziyahlupheka,nalo linomunyu.
5 Abamelene nalo sebe yinhloko,izitha zalo zinokuthula,ngokuba uJehova ulihluphilengenxa yobuningi beziphambeko zalo;izingane zalo ziye ekuthunjweni ebusweni bezitha.
6 Bonke ubukhosi bumukileendodakazini yaseSiyoni;izikhulu zalo sezinjengezindluzele ezingafumani idlelo,zihambile zingenamandla ebusweni babaxoshayo.
7 IJerusalema liyakhumbula ezinsukwinizokuhlupheka kwalo nezinsizi zalokonke okuhle okwakukhona ezinsukwini zasendulo;lapho abantu balo bewela esandleni sezitha,kungekho olisizayo,abamelene nalo balibona,bahleka ukuchithwa kwalo.
8 IJerusalema lalonile kakhulu;ngalokho seliyisinengiso;bonke ababelidumisa sebelidelelangokuba bebone ubunqunu balo;seliyabubula nalo, libuyela emuva.
9 Ukungcola kwalokwakusemaphethelweni alo,alikhumbulanga ukuphela kwalo;lehlile ngokumangalisayo, alinamduduzi.Bheka, Jehova, ukuhlupheka kwami,ngokuba isitha sizikhulisile.