6 Bonke ubukhosi bumukileendodakazini yaseSiyoni;izikhulu zalo sezinjengezindluzele ezingafumani idlelo,zihambile zingenamandla ebusweni babaxoshayo.
7 IJerusalema liyakhumbula ezinsukwinizokuhlupheka kwalo nezinsizi zalokonke okuhle okwakukhona ezinsukwini zasendulo;lapho abantu balo bewela esandleni sezitha,kungekho olisizayo,abamelene nalo balibona,bahleka ukuchithwa kwalo.
8 IJerusalema lalonile kakhulu;ngalokho seliyisinengiso;bonke ababelidumisa sebelidelelangokuba bebone ubunqunu balo;seliyabubula nalo, libuyela emuva.
9 Ukungcola kwalokwakusemaphethelweni alo,alikhumbulanga ukuphela kwalo;lehlile ngokumangalisayo, alinamduduzi.Bheka, Jehova, ukuhlupheka kwami,ngokuba isitha sizikhulisile.
10 Isitha selulile isandla sasophezu kwakho konke okumnandi kwalo,ngokuba sibonile ukuthi abezizwebangene endlini yalo engcwele,owabayala ukuthi abayikungena ebandleni lakho.
11 Bonke abantu balo bayabubula,befuna isinkwa sabo;banika okumnandi kwabo ngokudlaukuba babuyise umphefumulo.Bheka, Jehova, ubhekisise,ngokuba ngiyadelelwa.
12 “Akulutho kinina nonke enidlulangendlela na?Bhekani, niboneukuba kukhona yini ubuhlunguobunjengobuhlungu bami engehlelwe yibo,uJehova angihluphe ngabo ngosuku lokufutheka kwentukuthelo yakhe.