2 INkosi igwinyile onke amakhayakaJakobe ingahawukelanga.Ngentukuthelo yayo, ibhidlizile izinqaba zendodakazi yakwaJuda,yazidilizela emhlabathini,yangcolisa umbuso nezikhulu zawo.
3 Yanquma ngokufutheka kolaka lwayozonke izimpondo zakwa-Israyeli,yabuyisela emuva isandla sayo sokunene ebusweni bezitha,yashisa uJakobe ngomlilo wamalangabi odla nxazonke.
4 Yansala umnsalo wayo njengesitha,yema njengomelene nathi ngesokunene sayo,yabulala konke okwakumnandi emehlweni ethu.Etendeni lendodakazi yaseSiyoni yathulula ukufutheka kwayo njengomlilo.
5 INkosi isinjengesitha,imgwinyile u-Israyeli;yagwinya zonke izindlu zakhe zobukhosi,yachitha izinqaba zakhe;yandisile endodakazini yakwaJuda ukukhala nokulila.
6 Yachitha idokodo layo njengelensimu,yaqeda indawo yayo yokuhlangana.UJehova wenza ukuba kukhohlakaleimikhosi emisiweyo namasabatha eSiyoni,wadelela ngokufutheka kolaka lwakhe inkosi nompristi.
7 INkosi yalilahla i-altare layo,yanengwa yindlu yayo engcwele,yanikela izingange zezindlu zayo zamakhosi esandleni sesitha.Ziphakamise izwi endlini kaJehova njengasosukwini lomkhosi omisiweyo.
8 UJehova wayecebile ukuchitha ugangelwendodakazi yaseSiyoni;wawelula umucu wokulinganisa,akabuyisanga isandla sakhe ekuchitheni;wenza ukuba kukhale ugange nodonga,kudangale kanyekanye.