6 Yachitha idokodo layo njengelensimu,yaqeda indawo yayo yokuhlangana.UJehova wenza ukuba kukhohlakaleimikhosi emisiweyo namasabatha eSiyoni,wadelela ngokufutheka kolaka lwakhe inkosi nompristi.
7 INkosi yalilahla i-altare layo,yanengwa yindlu yayo engcwele,yanikela izingange zezindlu zayo zamakhosi esandleni sesitha.Ziphakamise izwi endlini kaJehova njengasosukwini lomkhosi omisiweyo.
8 UJehova wayecebile ukuchitha ugangelwendodakazi yaseSiyoni;wawelula umucu wokulinganisa,akabuyisanga isandla sakhe ekuchitheni;wenza ukuba kukhale ugange nodonga,kudangale kanyekanye.
9 Amasango alo ashona emhlabathini;wachitha, wayaphula imigoqo yalo.Inkosi nezikhulu zalo baphakathi kwezizwe,lapho kungekho khona umthetho.Nabaprofethi balo abatholi mbono kuJehova.
10 Amalunga endodakazi yaseSiyoniahlezi emhlabathini, athule;athele uthuli emakhanda awo,abhince indwangu yamasaka.Izintombi zaseJerusalema zithobisela phansi amakhanda azo.
11 Amehlo ami ayaphela izinyembezi,izibilini zami ziyaxhaphazela;isibindi sami sithululelwe emhlabathiningenxa yokuchitheka kwendodakazi yabantu bami,ngokuba izingane nabancelayo bayadangala ezigcawini zomuzi.
12 Bathi konina: “Aphi amabele newayini?”lapho bedangala njengababulawayo ezigcawini zomuzi,imiphefumulo yabo ithululelwe ezifubeni zawonina.