4 Ulimi loncelayo lunamathelaolwangeni lwakhe ngokoma.Izingane zicela isinkwa,kepha akakho ozihlephulelayo.
5 Abakade bedla okumnandisebechithakele ezitaladini.Ababekhuliswa ngokububende sebesingatha izala.
6 Ukona kwendodakazi yabantu bamikukhulu kunesono saseSodomaelachithwa ngokuphazima kweso,kungasondelanga zandla kulo.
7 Abakhulu balo babehlambulukile kunongqoqwane,babe mhlophe kunobisi;imizimba yabo yayibomvana kunekorali,*isimo sabo sasinjengesafire.*
8 Ubuso babo sebumnyama kunelahle,abaziwa ezitaladini.Isikhumba sabo sinamathela emathanjeni abo,sishwabene, saba njengomuthi.
9 Babe ngcono ababebulawangenkemba kunababebulawa ngendlala,ababuna behlatshiwe ngokuswela ukudla kwensimu.
10 Izandla zabesifazane abahawukelayozapheka izingane zabo;zazingukudla kwabo ngokuchithwa kwendodakazi yabantu bami.