11 usiphe namuhla isinkwa sethusemihla ngemihla;
12 usithethelele amacala ethu,njengalokhu nathi sibathethelelaabanecala kithi;
13 ungasingenisi ekulingweni,kodwa usikhulule kokubi;ngokuba umbuso ungowakho,namandla, nenkazimulo,kuze kube phakade. Amen.’
14 “Ngokuba uma nithethelela abantu iziphambeko zabo, noYihlo wasezulwini uyakunithethelela nani.
15 Kepha uma ningathetheleli abantu iziphambeko zabo, noYihlo akayikunithethelela iziphambeko zenu.
16 Futhi nxa nizila ukudla, ninganyukumali njengabazenzisi; ngokuba bona banyakamisa ubuso babo, ukuze babonakale kubantu ukuthi bazilile. Ngiqinisile ngithi kini: Sebewamukele umvuzo wabo.
17 Kepha wena, nxa uzila, gcoba ikhanda lakho, ugeze ubuso bakho,