10 Ndodana yami,uma izoni zikuyenga, ungavumi.
11 Uma zithi: “Hamba nathi, siqamekele igazi,sibhacele ngeze ongenacala,
12 sibagwinye besezwa njengendawo yabafileyo,besaphilile njengabehlela egodini;
13 yonke impahla eyigugu siyakuyifumana,sigcwalise izindlu zethu ngempango;
14 yenza inkatho yakho phakathi kwethu,sibe nesikhwama sinye sonke,”
15 ndodana yami,ungahambi nazo endleleni,unqande unyawo lwakho emikhondweni yazo,
16 ngokuba izinyawo zazo zigijimela ebubini,zishesha ukuchitha igazi.