Izaga 21 ZUL59

1 Inhliziyo yenkosi isesandleni sikaJehova njengemifula yamanzi;uyayiphendulela lapho ethanda khona.

2 Zonke izindlela zomuntu zilungile emehlweni akhe,kepha uJehova ulinganisa izinhliziyo.

3 Ukwenza ukulunga nokwahlulelakukhethekile kuJehova kunemihlatshelo.

4 Ukuzidla kwamehlo nokuziqhenya kwenhliziyo,isibani sababi, kuyisono.

5 Imicabango yokhutheleyo isenzuzweni,kepha eyabo bonke abaphangisayo isekusweleni kuphela.

6 Ukuthola ingcebo ngolimi lwamangakuyize elizulazuliswa,nezingibe zokufa.

7 Ukuchitha kwababi kuyabaqothula,ngokuba benqaba ukwenza ukulunga.

8 Indlela yothweswe icala iyinsongensonge,kepha ohlanzekileyo,isenzo sakhe silungile.

9 Kungcono ukuhlala egumbini lophahlakunokuhlala nowesifazane oxabanayo endlini ehlanganyelweyo.

10 Umphefumulo womubi ufisa okubi;umakhelwane wakhe kafumani isisa emehlweni akhe.

11 Lapho isideleli sihlawuliswa,ongenalwazi uyahlakanipha,nalapho ohlakaniphileyo efundiswa,uyathola ukwazi.

12 Olungileyo uyaqaphela indlu yomubi;ababi bayachithelwa ebubini.

13 Ovala indlebe yakhe ngokukhala kompofunaye uyakukhala angaphendulwa.

14 Isipho ekusithekeni siyadambisa ulaka,nomvuzo esifubeni ukufutheka okunamandla.

15 Kuyintokozo kolungileyo ukwenza ukwahlulela,kepha kwabenza ukona kuyincithakalo.

16 Umuntu oduka endleleni yokuhlakaniphauyakuphumula ebandleni lezithunzi.

17 Othanda injabulo uyakuba mpofu,nothanda iwayini namafutha kayikuceba.

18 Omubi uyihlawulo lolungileyo,nombuluzayo usesikhundleni sabaqotho.

19 Kungcono ukuhlala ezweni lasehlanekunokuhlala nowesifazane oxabanayo nothethayo.

20 Kukhona ingcebo enxanelekayonamafutha endlini yohlakaniphileyo,kepha umuntu oyisiwula uyakugwinya.

21 Olandela ukulunga nomusauyafumana ukuphila, nokulunga, nodumo.

22 Ohlakaniphileyo angenyukela emzini wamaqhawe,awise phansi inqaba ayethembayo wona.

23 Ogcina umlomo wakhe nolimi lwakheulonda umphefumulo wakhe ezinsizini.

24 Ozidlayo nozigabisayo,yisideleli igama lakhe,yena osebenza ngokuziphakamisa okukhulu.

25 Isifiso sevila siyalibulala,ngokuba izandla zalo ziyenqaba ukusebenza.

26 Kuyafiswa nokufiswa usuku lonke,kepha olungileyo uyaphana engancishi.

27 Umhlatshelo wababi uyisinengiso;kakhulu kangakanani uma ulethwa ngomgomo omubi.

28 Ufakazi wamanga uyabhujiswa,kepha umuntu ozwileyo angakhuluma njalo.

29 Umuntu omubi uyenza lukhuni ubuso bakhe,kepha oqotho uyanaka indlela yakhe.

30 Akukho ukuhlakanipha,akukho ukuqonda,nesiluleko, okungamelana noJehova.

31 Ihhashi lilungiselwa usuku lokulwa,kepha ukusindiswa kungokukaJehova.

Izahluko

1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28 29 30 31