Izaga 25 ZUL59

Isigaba sesithathu samazwi ahlakaniphileyo

1 Nalezi ziyizaga zikaSolomoni ezaphindwa ngamadoda kaHezekiya inkosi yakwaJuda.

2 Kuludumo lukaNkulunkulu ukusitha into,kepha udumo lwamakhosi lungukuphenya indaba.

3 Njengezulu ngokuphakama nomhlaba ngokujula,injalo inhliziyo yomuntu ngokuphenywa.

4 Susa amanyela esiliveni,bese kuthi kuphumele umkhandi isitsha.

5 Susa omubi phambi kwenkosi,bese kuthi isihlalo sayo sobukhosi siqiniswe ngokulunga.

6 Ungaziphakamisi phambi kwenkosi,ungemi endaweni yabakhulu.

7 Ngokuba kungcono ukuba kuthiwekuwe: “Yenyuka lapha,”kunokuba wehliswe phambi kwesikhulu asesibonile amehlo akho.

8 Ungasheshi ukuphuma ukuyophikisanaukuba ungazi ukuthi uyakwenze njani ekugcineni,lapho umakhelwane wakho ekuhlazisile.

9 Mela indaba yakho nomakhelwane wakho,ungambuli imfihlakalo yomunye,

10 funa okuzwayo akuhlazise,nodumo lwakho lungabuyi.

11 Izwi elikhulunywayo ngesikhathi esiyisolinjengama-apula* asezitsheni zesiliva.

12 Njengecici legolide nesivunulo segolide elicwengekileyo,unjalo umsoli ohlakaniphileyo endlebeni elalelayo.

13 Njengokubanda kweqhwa ngosuku lokuvuna,sinjalo isithunywa esithembekileyo kosithumileyo,ngokuba siyahlumelela inkosi yaso.

14 Njengamafu nomoya ngaphandle kwemvula kodwa,unjalo umuntu ozidumisa ngesipho angasiphiyo.

15 Ngokubekezela kade isikhulu singavunyiswa,nolimi oluthambileyo luyaphula amathambo.

16 Uma uthole izinyosi,yidla okwanele wena,funa udinwe, ubuye uhlanze.

17 Unyawo lwakho malungavami endlini yomakhelwane wakho,funa adinwe nguwe, abuye akuzonde.

18 Umuntu ofakazela amanga ngomakhelwane wakheuyisando, nenkemba,nomcibisholo obukhali.

19 Ukwethemba ombuluzayo ngosuku lokuhluphekakunjengezinyo elaphukileyo nonyawo olwenyeleyo.

20 Oyihlabelelela inhliziyo edabukileyo izihlabelelounjengokhumula ibhantshi ngosuku lwamakhaza, nanjengoviniga esilondeni.

21 Uma okuzondayo elambile,mnike ukudla, adle;uma omile, muphe amanzi, aphuze.

22 Ngokuba uyakubuthela amalahle omlilo ekhanda lakhe,besekuthi uJehova akuvuze.

23 Umoya wasenyakatho uyaletha imvula,nolimi olunyenyayo ubuso obuthukutheleyo.

24 Kungcono ukuhlala egumbini lophahlakunokuhlala nowesifazane oxabanayo endlini ehlanganyelweyo.

25 Njengamanzi aqandayo emphefumulweni owomileyo,unjalo umbiko omuhle ovela ezweni elikude.

26 Njengomthombo odungekileyo nesiphethu esonakaleyo,unjalo olungileyo ozanyazanyiswa phambi komubi.

27 Ukudla izinyosi eziningi akukuhle,nokuzifunela udumo kakusilo udumo.

28 Njengomuzi odiliziweyo ungenalugange,unjalo umuntu omoya wakhe ungenakubanjwa.

Izahluko

1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28 29 30 31