Izaga 31 ZUL59

Amazwi kaLemuweli

1 Amazwi kaLemuweli, inkosi yaseMasa, awafundiswa ngunina.

2 “Yini, ndodana yami,yini, ndodana yesizalo sami,yini, ndodana yezithembiso zami, na?

3 Unganiki abesifazane amandla akho,nezindlela zakho kwababhubhisa amakhosi.

4 “Akusikho okwamakhosi, Lemuweli,akusikho okwamakhosi ukuphuza iwayini,nokwababusi ukufisa uphuzo olunamandla,

5 funa baphuze, bakhohlwe izimiso,baguqule ukwahlulelwa kwabantwana bokuhlupheka.

6 Mnike obhubhayo uphuzo olunamandlanomunyu enhliziyweni iwayini.

7 Makaphuze akhohlwe ubumpofu bakhe,angabe esakhumbula usizi lwakhe.

8 “Sivulele isimungulu umlomo wakho,umele bonke abantwana abayizintandane.

9 Vula umlomo wakho,wahlulele ngokulunga,umele abahluphekayo nabampofu.”

Ukudunyiswa kowesifazane okhutheleyo

10 Ngubani ongathola umfazi okhutheleyo na?Ngokuba inani lakhe lidlula kakhulu amarubi.*

11 Inhliziyo yendoda yakhe iyethemba kuye;ayiyikuswela inzuzo.

12 Uyayenzela okuhle, kungabi ngokubi,zonke izinsuku zokuphila kwakhe.

13 Ufuna uboya bezimvu nefilakisi;*usebenza ngezandla ezivumayo.

14 Unjengemikhumbi yabathengi;ulanda kude ukudla kwakhe.

15 Uyavuka kuse sebusuku,aphe abendlu yakhe ukudlanamantombazana akhe imisebenzi yawo.

16 Ucabanga ngensimu, ayithenge;ngesithelo sezandla zakhe utshala isivini,

17 Uyabhinca okhalweni amandla;uyaqinisa izingalo zakhe.

18 Uyabona ukuthi ukuphatha kwakhe kunenzuzo;isibani sakhe asicimeki nasebusuku.

19 Uyabeka izandla zakhe othini lokuphotha izintambo,neminwe yakhe ibamba insimbi.

20 Ohluphekayo uyamvulela isandla sakhe,yebo, uzelulela abampofu izandla zakhe.

21 Akesatshiswa ngabendlu yakhe ngungqoqwane;ngokuba bonke abendlu yakhe bembathiswa okubomvu.

22 Uyazenzela izindwangu ezimbozayo;izambatho zakhe ziyilineni elicolekileyo nokububende.

23 Indoda yakhe iyaziwa emasangweni,lapho ihlezi namalunga ezwe.

24 Wenza izingubo zelineni,athengise ngazo,anikele kubathengi amabhande.*

25 Amandla nesithunzi kungukwembatha kwakhe;uhleka usuku oluzayo.

26 Uyawuvula umlomo wakhe ngokuhlakanipha,nomthetho womusa usolimini lwakhe.

27 Uyaqaphela okwenziwayo endlini yakhe,akadli isinkwa sobuvila.

28 Abantwana bakhe bayasukuma, bambusise;nendoda yakhe iyamdumisa ngokuthi:

29 “Baningi abafazi abakhutheleyo,kepha wena ubadlula bonke.”

30 Ubuhle buyinkohliso,nokubukeka kuyize,kepha owesifazane owesaba uJehova uyakudunyiswa.

31 Muphe ezithelweni zezandla zakhe,izenzo zakhe zimdumise emasangweni.

Izahluko

1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28 29 30 31