Izaga 20 ZUL59

1 Iwayini liyisideleli,uphuzo olunamandla lungumxokozeli;bonke abaduka ngalo abahlakaniphile.

2 Ingebhe ngenkosi injengokubhonga kwengonyama;oyithukuthelisayo wona umphefumulo wakhe.

3 Kuludumo kumuntu ukuhlala kude nokuxabana,kepha zonke iziwula ziyaphikisana.

4 Ngenxa yobusika ivila aliyikulima;ngalokho uyakuthekela ngesikhathi sokuvuna, kungekho lutho.

5 Isiluleko enhliziyweni yomuntu sinjengamanzi ajulileyo,kepha umuntu oqondileyo uyakusikhipha.

6 Abantu abaningi bayamemezela,kube yilowo nalowo umusa wakhe,kepha ngubani ongafumana umuntu othembekileyo na?

7 Olungileyo ohamba ekupheleleni kwakhe,babusisiwe abantwana bakhe emva kwakhe.

8 Inkosi ehlezi esihlalweni sokwahlulelaihlakaza konke okubi ngamehlo ayo.

9 Ngubani ongasho ukuthi:“Ngihlanzile inhliziyo yami,sengihlambulukile ezonweni zami, na?”

10 Izisindo ezimbili nama-efa* amabili,kokubili kuyisinengiso kuJehova.

11 Naye umntwana uyaziwa ngezenzo zakhe,uma isenzo sakhe sihlanzekile,noma siqotho.

12 Indlebe ezwayo neso elibonayo,uJehova wenzile kokubili.

13 Ungathandi ubuthongo,funa ufikelwe ngubumpofu;vula amehlo akho,uyakusutha ngesinkwa.

14 “Kubi, kubi,” kusho umthengi;kepha esehambile uyazigabisa.

15 Kukhona igolide namarubi* amaningi,kepha ukwazi kwezindebe kuyigugu elinqabileyo.

16 Thatha ingubo yoyisibambiso somfokazi,umbambe abe yisibambiso omela abezizwe.

17 Isinkwa samanga simnandi kumuntu,kepha ngasemuva umlomo wakhe uyakugcwaliswa ngohlalwane.

18 Amacebo onke ayaqiniswangokululekana;yilwa impi ngamasu.

19 Ohamba encetheza uyambula izimfihlakalo;ngalokho ungahlangani naye ovula kakhulu umlomo wakhe.

20 Oqalekisa uyise nonina,isibani sakhe siyakucimeka esigayegayeni.

21 Imfuyo ingatholwa ngokushesha ekuqaleni,kepha ukuphela kwayo akuyikubusiswa.

22 Ungasho ukuthi:“Ngiyakuphindisela okubi,”yethemba kuJehova, uyakukusindisa.

23 Izisindo ezimbili ziyisinengiso kuJehova,nesilinganiso senkohliso asilungile.

24 Izinyathelo zomuntu zingezikaJehova;pho, umuntu angaqonda kanjani indlela yakhe na?

25 Kulugibe ukusho ngamawala ukuthi:“Kungcwele,”abesebuya acabange emva kwezithembiso zakhe.

26 Inkosi ehlakaniphileyo iyahlakaza ababi,iphindisele phezu kwabo ukushinga kwabo.

27 Umoya womuntu uyisibani sikaJehova,siphenya konke okuphakathi komuntu.

28 Umusa neqiniso kuyalonda inkosi;isihlalo sayo sobukhosi sisekelwa ngomusa.

29 Udumo lwabasha lungamandla abo,nesivunulo sabadala singubumpunga.

30 Imivimbo elimazayo ihlanza ububi,nezishayo okuphakathi komuntu.

Izahluko

1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28 29 30 31