11 Uma zithi: “Hamba nathi, siqamekele igazi,sibhacele ngeze ongenacala,
12 sibagwinye besezwa njengendawo yabafileyo,besaphilile njengabehlela egodini;
13 yonke impahla eyigugu siyakuyifumana,sigcwalise izindlu zethu ngempango;
14 yenza inkatho yakho phakathi kwethu,sibe nesikhwama sinye sonke,”
15 ndodana yami,ungahambi nazo endleleni,unqande unyawo lwakho emikhondweni yazo,
16 ngokuba izinyawo zazo zigijimela ebubini,zishesha ukuchitha igazi.
17 Ngokuba inetha lenekelwe ize emehlweni azo zonke izinyoni.