15 ndodana yami,ungahambi nazo endleleni,unqande unyawo lwakho emikhondweni yazo,
16 ngokuba izinyawo zazo zigijimela ebubini,zishesha ukuchitha igazi.
17 Ngokuba inetha lenekelwe ize emehlweni azo zonke izinyoni.
18 Kepha laba baqamekela elabo igazi,babhacela okwabo ukuphila.
19 Zinjalo izindlela zabo bonke abaphanga impango;iyasusa ukuphila komniniyo.
20 Ukuhlakanipha kuyamemeza emigwaqweni,kuyezwakalisa izwi lakho ezigcawini;
21 emashashalazini emigwaqo kuyaduma;ngasezikhaleni zamasango omuzi kuyakhuluma amazwi akho okuthi: