19 Zinjalo izindlela zabo bonke abaphanga impango;iyasusa ukuphila komniniyo.
20 Ukuhlakanipha kuyamemeza emigwaqweni,kuyezwakalisa izwi lakho ezigcawini;
21 emashashalazini emigwaqo kuyaduma;ngasezikhaleni zamasango omuzi kuyakhuluma amazwi akho okuthi:
22 “Koze kube nini iziwula zithanda ubuwula,nezideleli zijabula ukudelela,neziwula zizonda ukwazi, na?
23 Buyani ngokusola kwami;bhekani, ngiyakuthulula umoya wami phezu kwenu,nginazise amazwi ami.
24 Ngokuba ngibizile, nala nina;ngelula isandla sami,akubangakho onakayo;
25 kepha nichithile konke ukululeka kwami,anivumanga ukusola kwami;