2 zokwazi ukuhlakanipha nokulaywa,nokwahlukanisa amazwi okuqonda,
3 nokwamukela ukulaywa kube ngukuhlakanipha,nokulunga, nokwahlulela, neqiniso,
4 nokunika abangenalwazi ukuhlakanipha,nezinsizwa ukwazi namasu,
5 ukuze ohlakaniphileyo ezwe,aqhubeke ekufundeni,noqondileyo athole iziluleko ezinhle
6 ukuba aqonde izaga nezimfihlakalo,namazwi abahlakaniphileyo nezimfumbe zabo.
7 Ukumesaba uJehova kungukuqala kokuhlakanipha;iziwula ziyadelela ukuhlakanipha nokulaywa.
8 Ndodana yami,yizwa ukulaya kukayihlo,ungawushiyi umthetho kanyoko,