23 Buyani ngokusola kwami;bhekani, ngiyakuthulula umoya wami phezu kwenu,nginazise amazwi ami.
24 Ngokuba ngibizile, nala nina;ngelula isandla sami,akubangakho onakayo;
25 kepha nichithile konke ukululeka kwami,anivumanga ukusola kwami;
26 nami ngiyakuhleka ingozi yenu,ngiklolodele ukufika kwenikwesabayo,
27 lapho kufika njengesivunguvungu lokho enikwesabayo,nengozi yenu iza njengesikhwishikhwishi,lapho nehlelwa ngukuhlupheka nosizi.
28 “Khona bayakungibiza,kepha angiyikuphendula;bayakungifunisisa, kepha abayikungifumana
29 ngenxa yokuba babezonda ukwazi,kabakhethanga ukwesaba uJehova,