30 bengavumanga ukululeka kwami,bedelela konke ukusola kwami.
31 Ngalokho bayakudla izithelo zendlela yabo,basuthe ngamacebo abo.
32 Ngokuba ukuhlehla kwabangenalwazi kuyakubabulala,nokunganaki kweziwula kuyakubabhubhisa.
33 Kepha ongilalelayo uyakuhlala elondekile,agcineke, angabi naluvalo ngokubi.”