4 nokunika abangenalwazi ukuhlakanipha,nezinsizwa ukwazi namasu,
5 ukuze ohlakaniphileyo ezwe,aqhubeke ekufundeni,noqondileyo athole iziluleko ezinhle
6 ukuba aqonde izaga nezimfihlakalo,namazwi abahlakaniphileyo nezimfumbe zabo.
7 Ukumesaba uJehova kungukuqala kokuhlakanipha;iziwula ziyadelela ukuhlakanipha nokulaywa.
8 Ndodana yami,yizwa ukulaya kukayihlo,ungawushiyi umthetho kanyoko,
9 ngokuba kuyakuba ngumqhele omuhle wekhanda lakho,nemigexo entanyeni yakho.
10 Ndodana yami,uma izoni zikuyenga, ungavumi.