12 Inzondo iyabanga ukuxabana,kepha uthando luyasibekela iziphambeko zonke.
13 Ezindebeni zoqondileyo kufunyanwa ukuhlakanipha,kepha uswazi lungolomhlane wongenangqondo.
14 Abahlakaniphileyo bayabekelela ukwazi,kepha umlomo wesiwula uyincithakalo eseduze.
15 Imfuyo yesicebi ingumuzi waso onamandla;incithakalo yabampofu ingubumpofu babo.
16 Umsebenzi wolungileyo ungowokuphila;inzuzo yababi ingeyokona.
17 Onaka ukulaywa usendleleni yokuphila,kepha owenqaba ukusolwa uyaduka.
18 Ofihla inzondo unezindebe zamanga;ophumisa inhlebo uyisiwula.